UMBHALO OGCWELE WOGUNYAZO LWAMALUNGELO OLUNTU JIKELELE
Isandulelo
Ngokunjalo ukwamukelwa ngokuzuzwa kwesithunzi samalungelo alinganayo najwayelekile
awowonke amalunga omndeni wesintu kuyisisekelo senkululeko, sobulungiswa noxolo emhlabeni,
Ngokunjalo ukunganakwa nokwedelelwa kwamalungelo esintu kube nomphumela wezenzo
zobuqaba eseziqede unembeza kubantu, kanye nomhlaba obhekwe isintu ukuba senamele
inkululeko yokukhuluma nokukholwa, inkululeko yokungesabi futhi nokufuna kugunyazwe ugqozi
kubobonke abantu,
Ngokunjalo kudingekile, uma umuntu engenakuphoqwa ukulandela umgudu othize,
njengendlela yokugcina, avukele ababusi nabacindezeli, ukuze amalungelo esintu avikelwe
ngokubusa ngomthetho,
Ngokunjalo kudingekile ukuba kwenyuswe ukuthuthukiswa kobungane nobudlelwane phakathi
kwezizwe,
Ngokunjalo abantu beNhlangano yeZizwe bayinqinisile inkolo yabo yengqalasizinda
yamalungelo oluntu kuCharter, esithunzini nobuntu emalungelweni alinganayo abesilisa
nabesifazane futhi bazimisele ukuqhubela phambili inqubekelaphambili yomphakathi namazinga
angcono empilo enkululekweni ethe xaxa,
Ngokunjalo aMalunga eMibuso azibophezele mathupha ukuthuthukisa, ngokubambisana
neNhlangano yeZizwe, ukuthuthukiswa kwenhlonipho emhlabeni wonke nokuqashelwa kwamalungelo
oluntu nengqalasizinda yenkululeko,
Ngokunjalo ukuqondwa kahle ngokufanayo kwalamalungelo nenkululeko kubaluleke kakhulu
ukuze lokhu kuzibophezela kuqashelwe,
MANJE, NGAKHOKE
UMGWAMANDA
UNQUMA uGunyazo lwaMalungelo oLuntu Jikelele njengezinga elifanayo lokuthuthukiswa
kwabantu nezizwe zonke, ekugcineni okuzokwenza ukuthi umuntu ngamunye kunoma isiphi
isigaba somphakathi ngokugcina lolawulo emqondweni baphokophelele ngokufundisa nangemfundo
ukuphakamisa inhlonipho yalamalungelo nenkululeko futhi nangenqubekelaphambili, ezweni
noma emhlabeni jikelele, baqinisekise ukwamukelwa okuvumelekile nokuqashelwa jikelele
ndawozombili phakathi kwabantu baMalunga eMibuso qobo lwabo kanye nabantu abangaphansi
kwemibuso yabo.
Isigaba 1
Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe
wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye.
Isigaba 2
Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale
kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo,
ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi-ke nje
esinye isimo.
Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo
sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe,
ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe.
Isigaba 3
Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha.
Isigaba 4
Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke.
Isigaba 5
Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi.
Isigaba 6
Wonke umuntu unelungelo lokwemukelwa nomaphi njengomuntu phambi komthetho.
Isigaba 7
Sonke siyalingana phambi komthetho futhi kufanele umthetho usivikele ngokulinganayo
ngale kokubandlulula. Sonke kufanele sivikelwe ngokulinganayo ekubandlululweni,
ngokungagcinwa kwaloluGunyazo futhi nasekukhuthazweni kwanoma luhloboluni lobandlululo.
Isigaba 8
Wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo oluyilo ezinkantolo ezibekiwe ngezenzo ezephula
isisekelo samalungelo anikezwe wona umthethosisekelo noma umthetho.
Isigaba 9
Akekho oyoboshwa, avelelwe noma adingiswe ngokungekho emthethweni.
Isigaba 10
Wonke umuntu kumele alalelwe obala ngokulingana okugcwele nangeqiniso, inkantolo
engavuni futhi ezimele, ekutholweni kwamalungelo akhe nezimiselo zakhe noma ngabe iliphi
icala abekwe lona.
Isigaba 11
- Wonke umuntu obekwe icala elidinga isijeziso unelungelo lokuthathwa njengomsulwa kuze
kutholakale ukuthi impela unecala ngokomthetho enkantolo evulekile lapho enikwe
iziqiniseko ezidingekile zokuzivikela.
- Akekho oyotholwa enecala ngecala elidinga isijeziso ngenxa yanoma isiphi isenzo noma
iphutha elalingelona icala elidinga isijeziso ngaphansi komthetho wezwe noma kazwelonke,
ngenkathi lenzeka. Noma anikwe isijeziso esinzinyana kunaleso esasifanele ngenkathi
kwenzeka lelocala.
Isigaba 12
Akekho okuyogaxekwa, ngokungemthetho ezindabeni zakhe zangasese, emndenini, ekhaya noma
ezincwadini azithumelayo nazitholayo, noma ukuhlaselwa kwesithunzi nokuhlonipheka kwakhe.
Wonke umuntu unelungelo lokuvikelwa kulokho kuhlaselwa nokugxambukela.
Isigaba 13
- Wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngenkululeko nokuhlala phakathi kwemingcele ezungeze
imibuso ehlukene.
- Wonke umuntu unelungelo lokushiya izwe lakhe, futhi abuye abuyele kulo.
Isigaba 14
- Wonke umuntu unelungelo lokucela ukuhlala akhosele kwamanye amazwe ebalekela ukuphathwa
kabuhlungu.
- Lelilungelo alinakusetshenziselwa ukubalekela ukushushiswa okufanele okuvela ngamacala
angahlangene nezombangazwe noma ngezenzo ezingqubuzana nezinhloso nemigomo yeNhlangano
yeZizwe.
Isigaba 15
- Wonke umuntu unelungelo lobuzwe.
- Akekho oyokwenqatshelwa ngokungemthetho noma ancishwe ilungelo lokuguqula ubuzwe bakhe.
Isigaba 16
- Abesilisa nabesifazane asebeneminyaka efanele yobudala banelungelo lokuganana bakhe
unmdeni, ngale kwezihibe zobuhlanga, ubuzwe noma inkolo. Kufanele babenamalungelo
alinganayo ngokomshado, ngenkathi beshadile noma usuhlakazekile umshado.
- Umshado kuyongenwa kuwo kuphela ngenkululeko nangemvume ephelele yalabo abashadayo.
- Umndeni uyimvelo nesizinda somphakathi okufanele uvikelwe umphakathi noMbuso.
Isigaba 17
- Wonke umuntu unelungelo lobunikazi bempahla eyedwa noma ehlanganyele nabanye.
- Akekho oyokwephucwa ngokungekho emthethweni impahla yakhe.
Isigaba 18
Wonke umuntu unelungelo lokucabanga ngenkululeko, unembeza nenkolo, lelilungelo
lihlanganisa inkululeko yokuguqula ukholo noma inkolelo noma ngabe eyedwa noma nabanye
emphakathini, obala noma ngasese, ukucacisa inkolo noma ukukholwa kwakhe ngokufundisa,
ngokwenza, nokukhonza nangokulandela.
Isigaba 19
Wonke umuntu unelungelo lokuveza umbono ngenkululeko, lelilungelo lihlanganisa
inkululeko yokubeka imibono ngaphandle kokuthikanyezwa, futhi nokuthungatha, ukwamukela
nokukhipha ulwazi nemiqondo nganoma iyiphi indlela yokusakaza ngale kwezihibe.
Isigaba 20
- Wonke umuntu unelungelo lokuhlanganyela ngokukhululeka embuthanweni woxolo.
- Akekho oyophoqwa ukuba yilunga lenhlangano.
Isigaba 21
- Wonke umuntu unelungelo lokubamba iqhaza kuhulumeni wezwe lakhe, ngokwakhe ngqo noma
ngabakhulumeli abakhethwe ngokukhululekile.
- Wonke umuntu unelungelo elilinganayo lokuthola usizo lomphakathi olufanayo ezweni lakhe.
- Intando yabantu yiyo eyoba isizinda segunya likahulumeni. Lentando iyovezwa okhethweni
lwempela ngezikhathi ezithile oluyoba ujikelele futhi lufane ndawozonke. Luyokwenziwa
ngokhetho oluyimfihlo noma ngenqubo yokhetho olukhululekile.
Isigaba 22
Wonke umuntu, njengelunga lomphakathi, unelungelo lukuphepha emphakathini futhi
kufanele aziwe, ngemizamo yezwe nokubambisana kukazwelonke futhi nangokuhambisana
nezinhlangano nemithombo yeMibuso ehlukene, kwezomnotho, amalungelo amasiko nenhlalo
angenakulahlwa ngesithunzi sakhe nokuthuthukisa ubuyena ngenkululeko.
Isigaba 23
- Wonke umuntu unelungelo lokusebenza, nokuzikhethela ngenkululeko umsebenzi, nezimo
zomsebenzi ezivunelekile nezilungile futhi nokuvikelwa uma elahlekelwe umsebenzi.
- Wonke umuntu, ngaphandle kokubandlululwa, unelungelo lokuhola imali efanayo ngomsebenzi
ofanayo.
- Wonke umuntu osebenzayo unelungelo lomholo ofanele novumelekile ukuqinisekisa ubukhona
besithunzi sobuntu bakhe nomndeni wakhe, kulekelelwa, uma kundingekile, ezinye izindlela
zokuvikeleka komphakathi.
- Wonke umuntu unelungelo lokubumba noma lokuba ilunga lenyunyana ukuze kuvikeleke
izidingo zakhe.
Isigaba 24
Wonke umuntu unelungelo lokuphumula nokungcebeleka, kuhlangene nemikhawuko yamahora
okusebenza, namakhefu akhokhelwayo ezikhathini ezithize.
Isigaba 25
- Wonke umuntu unelungelo lezinga lempilo nenhlalakahle eyenelisayo yakhe nomndeni wakhe,
khuhlangene nokudla, okokwembatha, izindlu, ukunakekelwa ngezokwelashwa kanye nemisebenzi
yomphakathi, nelungelo lokuvikeleka uma engasebenzi, egula, ekhubazeka, eshonelwa, eguga
noma-ke ikuphi ukukhubazeka okungamehlela ngesimo angenamandla okusinqanda.
- Omama nabantwana kumele banakekelwe futhi balekelelwe ngokunqala impela. Bonke abantwana
noma bezalwe ngaphandle komshado bayothola ukuvikelwa okufanayo emphakathini.
Isigaba 26
- Wonke umuntu unelungelo lemfundo. Imfundo iyotholakala ngesihle, okungenani emabangeni
aphansi ayingqalasizinda. Imfundo eyisingeniso iyoba ngeyempoqo. Imfundo yobuchwepheshe
neyenzululwazi iyokwenziwa ibe khona ngokwejwayelekile bese kuthi imfundo ephakeme
itholakale kubobonke ngobunjalo babo.
- Imfundo iyoqonda ekuthuthukiseni ubuntu ngokugcwele nasekuqiniseni inhlonipho
yamalungelo abantu nengqalasizinda yenkululeko. Iyothuthukisa ukuzwana, ukubekezelelana
nobungane phakathi kwezizwe, kwamaqembu ezinhlanga nezenkolo, futhi iyoqhubela phambili
imikhankaso yeNhlangano yeZizwe ekugcineni uxolo.
- Abazali banelungelo lokuqala lokukhetha uhlobo lwemfundo eyonikezwa abantwana babo.
Isigaba 27
- Wonke umuntu unelungelo elikhululekile lokuzimbandakanya empilweni yamasiko omphakathi,
athokozele amakhono, ahlomule entuthukweni yezesayensi nasezinzuzweni zayo.
- Wonke umuntu unelungelo lokuvikeleka kwezifiso ezisemqoka ezingumphumela womkhiqizo
wezobusayensi, wombhalo okukanye wekhono elithize abengumsunguli wako.
Isigaba 28
Wonke umuntu emphakathini nasemhlabeni kumele athole lamalungelo nenkululeko echazwe
kuloluGunyazo.
Isigaba 29
- Wonke umuntu uneqhaza emphakathini okuwukuphela kwendawo lapho ukukhululeka nokuthuthuka
kwakhe kungenzeka khona.
- Ekusebenziseni amalungelo nenkululeko yakhe, umuntu uyokwenza lokho okulinganiselwe
njengokulawula komthetho, ngenhloso eyodwa yokuqinisekisa ukwamukelwa nenhlonipho
yamalungelo nenkululeko yabanye abantu, futhi nokuhlangabezana nezidingo ezinobulungiswa
nobuqotho, ukuqonda komphakathi kanye nezenhlalakahle jikelele emphakathini wentando
yeningi.
- Lamalungelo nenkululeko akunakusetshenziswa ngokuphambana nezinhloso nemigomo
yeNhlangano yeZizwe.
Isigaba 30
Akukho lutho okukuloluGunyazo okuyohunyushwa ngokuthi kuthi uMbuso mumbe, iqembu noma
umuntu unelungelo lokwenza noma isiphi isenzo sokuthikameza noma imaphi amalungebo
nenkululeko echazwe ngaphezulu.